Links:
|
Umlando omfishane ngokusungulwa kwe-Nazarites Church of God
i-Nazarites Church of God (NCG) ibandla eliphume ebandleni elikhulu i-Nazareth Baptist Church elasungulwa nguMprofethi u-Isaiah Shembe ngo-1913 lapha eKZN.
Esikhundleni sokuba ibandla lamaNazaretha likhule ngokwezenkolo esikhathini eside lasungulwa kube sekugqama izinkinga zokubanga ubuholi bebandla, lokhu okudale ukuthi ibandla lingabe lisanaka ukusabalalisa izinhloso uMprofethi owabe enazo ekusungulweni lelibandla, okwakwungukufundisa abantu abamnyama inkolo, njengoba yalethwa lapha emhlabeni nguJehova eNcekwini yakhe uMose. uMprofethi wabe enombono wokuthi ibandla lamaNazaretha longcina liyinkolo efana nobuKrestu kanye nobuSulumane, ngenhloso yokufundisa inkolo yobuNazaretha. Emva kweminyaka eminingi kube sekucaca ukuthi leliphupho loMprofethi alisoze lafezeka ngenxa yezingqinamba eziningi: Eyokuqala(1) kube eyokuba seliphuma emigomeni nasezimfundisweni zeBhayibheli ekukhonzeni njengokulawula kukaMprofethi, kodwa lase lilandela inkolo yomdabu enezimfundiso eziningi eziphambana nezimfundiso zeBhayibheli, njengokutholakala kwamaNazaretha ebhula noma eba izangoma. Okwesibili(2) sonke isimo senkolo yobuNazaretha siba sesimeni sokuthi omunye umuntu ongesiye umZulu ezithole engakwazi ukuba ilungu lalelibandla, ngoba seliphoqa abantu ukuba belandele amasiko akwaZulu ngokwenza nokugqoka. Lokhu okwenze ukuthi lelibandla lisabalale kwaZulu kuphela kodwa lingakwazi ukusabalala uMzansi Afrika wonke. Inkinga yesithathu kube eyokubanga ubuholi bebandla ebekulokhu kuqhubeka, okudale ukuthi esikhudleni sokuthi ibandla libhekane nezinselelo zenkolo lalokhu libhekene nokubanga ubuholi cishe iminyaka engaphezu kwamashumi amathathu. Lesi simo sakhe isithombe emhlabeni sokhuthi leli akulona ibandla likaNkulunkulu kodwa kuyinqubo yokwakha ubukhosi bomndeni wakwaShembe. Lokhu kukodwa kudale ukuthi kube nemibuzo eminingi engaphenduleki ngebandla lomndeni wakwaShembe. Mhlaka 4 January 2010 kwafika iNgelosi eyazichaza ngokuthi nguHlaleleni eyathi ithunywe uShembe iLanga(J.G. Shembe) owabe engiyalela ukuthi ngiphume ngaphansi kwebandla lamaNazaretha aseBuhleni bese ngimakhela ibandla elizokhonza uJehova ngokuvuselela izimfundiso zoMprofethi. Leli bandla akuzukuba yilona ibandla lomndeni wakwaShembe kodwa kuzoba ibandla likaJehova njengokufundisa koMprofethi. iNgelosi yazibala zonke lezinkinga esengizishilo ngenhla nezinye ezazibekeka ngokuthi ngenke zisenza lelibandla libe elihloniphekile nelifundisa inkolo ukufeza isiprofetho soMprofethi. Okunye ukuthi lelibadla lisungulelwe ukwandisa izimfundiso zoMprofethi ngaphandle kokuhlanganisa ibandla nomndeni wakwaShembe. Okubalulekile ku-NCG ukuthi umholi wayo nguMprofethi u-Isaiah Shembe esimazi ngokuthi unguShembe woMoya ngoba engasekho emhlabeni. I-NCG ilandela uShembe njengamaKrestu elandela uJesu, ayikho ngaphansi kwanoma yimuphi umholi onguShembe wenyama esikhathini asamanje. |