Quick Links:
|
Umlando omfishane ngokusungulwa kwe-Nazarites Church of God
i- Nazarites Church of God (NCG) ibandla eliphume ebandleni elikhulu i-Nazareth Baptist Church elasungulwa nguMprofethi u-Isaiah Shembe ngo-1913 lapha eKZN.
* * * * uMprofethi wabe enombono wokuthi ubuNazaretha kube inkolo kaJehova yedwa. Emva kweminyaka eminingi kube sekucaca ukuthi leliphupho loMprofethi alisoze lafezeka ngenxa yezingqinamba eziningi: Eyokuqala kube eyokuba seliphuma emigomeni nasezimfundisweni zeBhayibheli ekukhonzeni njengokulawula kukaMprofethi, kodwa lase lilandela inkolo yomdabu enezimfundiso eziningi eziphambana nezimfundiso zeBhayibheli, njengokutholakala kwamaNazaretha ebhula noma eba izangoma. Okwesibili sonke isimo senkolo yobuNazaretha siba sesimeni sokuthi omunye umuntu ongesiye umZulu ezithole engakwazi ukuba ilungu lalelibandla, ngoba seliphoqa abantu ukuba belandele amasiko akwaZulu ngokwenza nokugqoka. Lokhu okwenze ukuthi lelibandla lisabalale kwaZulu kuphela kodwa lingakwazi ukusabalala uMzansi Afrika wonke. * * * * Mhlaka 4 January 2010 kwafika iNgelosi eyazichaza ngokuthi nguHlaleleni eyathi ithunywe uShembe iLanga(J.G. Shembe) owabe engiyalela ukuthi ngiphume ngaphansi kwebandla lamaNazaretha aseBuhleni bese ngimakhela ibandla elizokhonza uJehova ngokuvuselela izimfundiso zoMprofethi. Leli bandla akuzukuba yilona ibandla lomndeni wakwaShembe kodwa kuzoba ibandla likaJehova njengokufundisa koMprofethi. iNgelosi yazibala zonke lezinkinga esengizishilo ngenhla nezinye ezazibekeka ngokuthi ngenke zisenza lelibandla libe elihloniphekile nelifundisa inkolo ukufeza isiprofetho soMprofethi. Okunye ukuthi lelibadla lisungulelwe ukwandisa izimfundiso zoMprofethi ngaphandle kokuhlanganisa ibandla nomndeni wakwaShembe. * * * * see more . . . |
© 2012 - 2016 by AmaNazaretha kaNkulunkulu a.k.a NCG
All Rights Reserved by the Church
All Rights Reserved by the Church