HOME FOR ALL AMANAZARETHA
  • Home
  • Gallery
    • Holy Gatherings >
      • January Gatherings
      • July Gatherings
      • Communion Gatherings (Attire)
      • Wedding's Gatherings
    • Nhlangakazi Pilgrimage
  • Sermons
    • Scriptures
    • Audio's
    • Video's
  • About Us
    • The Church
    • Church Leaders
    • Branches
  • News & Publications
  • Contact Us
Picture
INKONZO YESABATHA – 30 NOVEMBER 2013

Ngiyababingelela abalaleli; imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko esikhuluma ngaso sithi "umbuso wezulu likhaya labangcwele".

Incwadi kaMathewu 13:44-46.
“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.  

Ngaphambili sake sachaza ukuthi mhla uJehova eletha umbuso wakhe esizweni sakwa Israel, uNkulunkulu akabatshelanga lutho laba bantu ngombuso wezulu; uma umuntu enza kahle, umvuzo wayewuthola khona lapha emhlabeni; kanjalo futhi, uma enza okuphambene, isijeziso wayesithola khona lapha. Mhlawumbe kungenxa yokuthi uNkulunkulu wayevele ehleli nabo abantu.


Ekufikeni kukaJesu, wabe esesifundisa ukuthi ngaphandle kwesibusiso nesiqalekiso esitholakala usesemhlabeni, isibusiso nesiqalekiso sihamba nawe siye sifike ezulwini; nokuthi kukhona ukujeziswa komphefumulo.


KuMathewu 5:3 sizwa uJesu ethi: "Babusisiwe abampofu emoyeni, ngokuba umbuso wezulu ungowabo. Ku-vesi 10: uthi, "Babusisiwe abazingelwa ngenxa yokulunga, ngokuba umbuso wezulu ungowabo."

Ngaphandle kwalezi zincwadi esizibalile, kunobufakazi obanele ukuthi uJesu wasifundisa kakhulu ngokuba khona kwezulu. Nokho kubukeka sengathi naye wathi eqala eshumayela, lemfundiso yabe ivele isikhona.

Ku-Luka 23:42 sizwa iselelesi sithi, "Jesu, ngikhumbule nxa usufike embusweni wakho".  Umbuzo uthi njengoba lesi soni sasi sesiphambanweni, sizokufa, sasazi ngani ukuthi ekufeni kwaso sizohlangana nombuso kaJesu okumele naso singene kuwo?  

Kusobala ukuthi lenkolo yokuthi uma umuntu efa kukhona umbuso oya kuwo, inkolo eyayaziwa abantu abaningi.  Ngakho ngenkathi ethi uJesu: "Ngiqinisile ngithi kuwe: namuhla uzoba nami eparadesi," uJesu wayengakhulumi into iselelesi esasingayazi.

KuMathewu 13:41-43 uJesu uthi: "Indodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo, nabenza okubi, zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyoba khona ukukhala nokugedla amazinyo.  Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo......"

Sizwa okokuqala ukuthi uma abantu besezulwini bayaye bakhanye njengelanga. NakuMathewu 17:2 kuthiwa uJesu waphenduka esinye isimo phambi koPetro, ubuso bakhe bakhanya njengelanga. Lokhu kwenziwa ukuthi wayehlangene noMose no Eliya, abantu ababevela ezulwini, abasebenziwe umzimba wabo wakhanya njengelanga.

Ivangeli likaKrestu lafika kulelizwe lingasaqondile ngezinto eziningi; ezinye esesike sakhuluma ngazo.  Kodwa okwaxaka abantu bakwazulu ukuthi lelivangeli lalifundisa abantu ukuthi abalahle onke amasiko abo, nalawo ayengaphambani nomthetho kaNkulunkulu, bese bethatha amasiko aseMpumalanga; bashintshe nokugqoka kwabo.

UNkulunkulu wabe esethuma uShembe kulelizwe lakithi, ukuba azoqhuba ivangeli likaJehova elingashetshwe nalutho, njengoba lalethwa nguMose, laqhutshwa nguJesu; lachithwa nguPhawuli nombuso wamaRoma.  

Ukufika kukaShembe esizweni sakwazulu elethe ivangeli, kwabajabulisa kakhulu okhokho bethu, ngoba lelivangeli elivela ezulwini, laliza nomuntu owuhlanga lwabo, ongabacwasi ngobuzwe.

Kwathi umprofethi esentabeni yaseNhlangakazi, ngo-1913, elindile, esibonakalisweni wabona amakhehla amadala afake izicoco, ehlabelela ngenjabulo eza kuye. Ayehlabelela isihlabelelo 173, esithi: "Deda singene simkhonze uJehova, sasivalelwe; namuhla avuliwe amasango.  Livulwe ngubani, ubani ovula lelo sango, weMkhululi weziboshwa."

Lamakhehla ayejabulela ukuthi nawo uNkulunkulu useze wawakhumbula, wawathumela umprofethi wesizwe sawo, njengokwethembisa kukaJehova kuDutoronomi 18:18, lapho ethi: "Ngiyakubavusela umprofethi onjengawe (Mose) phakathi kwabafowabo, ngibeke amazwi ami emlonyeni wakhe, akhulume kubo konke engimyala ngakho"

Ngenkathi umprofethi echaza indaba yokuthunywa kwakhe kulelizwe uthi: “Bantabami, ngaphabi kokuthi uJehova angithume phakathi kwenu, okhokho benu babengenalo izulu. Uma sebefile, imimoya yabo yayihlala emathanjeni abo njengemimoya yezinyoka, ihlala emathuneni, ilindele isikhathi ezobuyiswa ngaso emzini yabo.  Kulemizi yayihlala ezibayeni, ithathe isimo sezinyoka.”

Uthi-ke uShembe, amadlozi kwakuyimimoya eyayibheka imizi yayo, ichitha izifo, iletha ukuphila emndenini yayo. Lena kwakuyimimoya emihle ngokwemvelo yawo; nohlatshelwa imihlatshelo kungayiso isono, ngoba uJehova wayengakabatsheli lutho abantu ngesono esinjalo. Uthi-ke uShembe “bantabami, kodwa mhla uJehova ethuma uShembe kulelizwe, indawo yabaphansi yabe isithathwa nguJehova, idlozi lethu sonke kwaba nguJehova.”

Ukuthunywa kukaShembe nguJehova kulelizwe, kwakuzogcwalisa amazwi kaJesu akuJohane 5:28-29, lapho ethi: “Ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni bayakulizwa izwi layo, abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa."

Lelivangeli lomprofethi laqala lamukelwa ngabasothulini lomhlaba, bavuka emathuneni bamlandela; njengokuchaza kwesihlabelelo 148, lopho ethi umprofethi: "Sisandinda wasimisa, sabashiya bephuza utshwala, samlandela uPhungelihle. Makabongwe uJehova!

Nanamuhla basabanjiwe abagcinelwe ubumnyama, kodwa bakhululekile ababiziweyo. Makabongwe uJehova!  Siyazidinga ezokumbonga, thina ababiziweyo sasabela. Simbonge odumisekayo. Makabongwe uJehova!

Sihlawulelwe (uJesu), siyakholwa; obaba bethu bafa endulo.  Avulekile amathuna abo.  Makabongwe uJehova!  Bamenyeziwe emathuneni,  sebephumile sibabonile; bangenile emzini oyingcwele.  Makabongwe uJehova!"

Njengokubhala kukaMathewu 27:52-53 ukuthi ekufeni nasekuvukeni kukaJesu abantu abaningi bavuka emathuneni, babonakala beyongena emzini oyingcwele, lelivangeli likaJesu laqhutshwa uShembe, esembethwe uMoya oyingcwele, njengokubhala kukaJohane 16.

Isihlabelelo 159 sixoxa leyo ndaba, lapho lensizwa yomemo yezwakala isishlabelela ibambe inkonzo kwelaseNyakatho, ithi: “Namhlanjena lizwakele, lelo lizwi laphakade.  Amathuna abangcwele ahlabelela ngenjabulo; ukwenama koMsindisi wabangcwele, kuzwakele.

Nazi izithunywa zabangcwele; sabelani niyabizwa, nina abalele kulomhlaba. (Nibizwa) izwi lakhe ohleli phakade.  Halalisani zindlamafa ngokungena kwabangcwele.

Wajabula uSimakade ngokuvulwa kwamathuna; lezwakala icilongo lokuvula amasango.  Jabulani webathengwa ngokungena kulowo muzi.”

Ngalesi sihlabelelo umprofethi wayixoxa yonke indaba yokuvuka kokhokho bethu emathuneni, bengeniswa ezulwini.  Abangalemukelanga izwi laphakade basala bephuza utshwala, bathi uShembe angamane ahambe nezulu lakhe, bona angeke bahlukane notshwala.  Uthi-ke uShembe, labo ngabagcinelwe ubumnyama. Kodwa labo abasebekhethe ukukhanya, bavuka emathuneni bamlandela uPhungelihle.

Uma ingelosi ifika inanela lendaba eyayixoxwa umprofethi, ithi: "Imimoya yokhokho bethu ayisahlali emathanjeni njengeyezinyoka, ayisahlali ezibayeni nasemathuneni.

Ngokufika kwevangeli likaShembe abantu abaningi baphuma emathuneni, baya ezulwini, labo abalemukela izwi lomemo.  Kwathi labo abangalemukelanga, baya ekulahlweni ngokwabelwa ngokwemisebenzi yabo.

Ithi-ke ingelosi; kodwa kwathi uma okhokho bethu bevuka emathuneni, beyongena ezulwini, imimoya eyayixoshwe ezulwini, amadimoni; kwaba yiyo egijima izohlala emzini yethu; izofuna ukubhubhisa lemizi ngezindlela eziningi. Ngokungazi abantu bayihlabela, bayikhonza, becabanga ukuthi kusengokhokho babo.

Ukuthi lo omhlabelayo akuseyena uyihlomkhulu, uzobona ngokufa nokuhlupheka, namabhadi azokulandela emva kokuhlaba; lokho-ke kuzokuchazela ukuthi uhlabela imimoya ewukufa, engakaze kwasemandulo ibe isibusiso, ngoba, yaxoshwa ezulwini.

Uthi-ke lomuntu waseZulwini: "yikho kuthiwe anginitshele ukuthi ningabe nisazakha lezi zindlu zabadala, ningazifaki neziphandla; ngoba laba enithi nibafakela iziphandla akusebona laba enibaziyo, bona sebesezulwini; kodwa indawo yabo isithathwe ngomubi, isibuswa ngamadimoni.

Besikhuluma ngombuso wezulu, ukuthi ulikhaya labangcwele. Mhla uShembe esimemela ezulwini, wasichazela konke ngempilo yasezulwini.

Kusihlabelelo 190 sizwa uShembe ethi, "Ngiyahamba ngikhathele, ngiya kulelozwe lobomu. Lelo lizwe alidingi lutho, sohlala ngokwenama, siyohlala noBongekile kulelozwe lokwenama.

Usizi alukho khona, izinyembezi azikho khona. Umfelokazi kabonwa khona, ziyesulwa izinyembezi, ziyoduduzwa izintandane.

Thina asikafiki kulelozwe, kulelozwe lokwenama. Silangazele lelo lizwe, lelo lizwe lokwenama.  Wozanini zihlobo zethu, siye kulelo lizwe lokwenama. Siyohlala kwangunaphakade, kulelo lizwe lokwenama. Sohlala neNkosi yethu, kulelo lizwe lokwenama.

Ngalendlela-ke uShembe konke owayesitshela khona ngenhlalo yasezulwini kwakwenza ukuthi ulangazelele ukuya ezulwini; ngenkathi ulangazelela ukuya ezulwini, ube uzimisela nokuthi ungasenzi isono, ngoba uyazi ukuthi isono ngeke sikungenise ezulwini.

Kusihlabelelo 195 sizwa uShembe ehlabelela ethi:
“Ngiyalithanda ngokulizwa, lelo lizwe elizayo; ngokhululwa ngokulibona, wenhliziyo yami. Ngokwenama kangakanani uma ngibona lelo lizwe, engilithanda ngingalibonanga, wenhliziyo yami.

Wenhliziyo yami, ungamdeli uJehova, ulidwala lenhliziyo yami, ungumthunzi wokuphumula.  Nguyena owangithanda, ngalithanda ngokulizwa, lelo lizwe elizayo.

Wenhliziyo yami ngisize, unamathele kuJehova, selikhalile elokuqala, sengilindele elesibili.”

Kulesi sihlabelelo umprofethi ukhuthaza ukuthi wonke umuntu okholiwe kumele alangazelele ukuya ezulwini.

Umprofethi wayengagcini nje ngokuthi asitshele ukuthi sizoya ezulwini, kodwa wayaye asitshele nohambo lwethu. Kusihlabelelo 49 simuzwa ethi: “Lapho sengiphuma emasangweni asekuPhakameni, mangihlobe ngiphelele. Lapho sengisondela Ensimini yase Eden, ngiyojabula ngiphelele, sengiya eKuphakameni.”

Kulesi sihlabelelo uShembe ukhuluma ngokufa koMnazaretha, nohambo lwakhe esuka emhlabeni eya ezulwini. Lesi sihlabelelo sihlatshelelwa uma sekongcwatshwa umuntu.  Ukuphuma eKuphakameni kusho ukufa ushiya umhlaba, kanti ukufika ensimini yase Eden nokuya eKuphakameni kusho ukuya ezulwini; kusho uKuphakama kwasezulwini.

Uthi-ke uShembe, uma sekufikile ukufa, umoya wami mawuhlobe uphelele njengeminduze yasendle, ungadingi lutho. Uma sengongena ezulwini ngijabule ngiphelele. Kodwa ke awukwazi ukuthi uma kufika ukufa ujabule, uma ungazange wamsebenzela uJehova.

Kusihlabelelo 124 sizwa lensizwa yasezulwini ithi:
“Basinda ngokuphephisa, abahamba engozini. Baphunyuzwa ukuzidela, balithande elizayo. Ngiyahamba weGuqabadele, ngaloluhambo lwakho; yelula isandla sakho, ulubusise uhambo lwami.

Ngesifingo sokusa, ngiyongena eKuphakameni, amasango ayovuleka ngokungena kwami.  

Ngomsinela obongekayo, ngingesanamahloni. Phakamani masango, phakamani singene!”

Lesi sihlabelelo kwakuyisihlabelelo sikamama wami uLandiwe. Ngaso sonke isikhathi ngangiyaye ngimuzwe esihlabelela.
 
Umuntu owangenza ngaba nesithombe esihle ngombuso wezulu kwaba ngumama uLandiwe. Indaba yakhe inde, kodwa ngizozama ukuyifinqa.

Umama, owayeyintandane, wa adoptwa nguMprofethi, wamnika igama elithi nguLandiwe, kanti yena kwakunguLandazona Dube. Wayekholwe kakhulu.

Ngo-May 1981, umama wasithatha singabantwana bakhe wasiyisa kuShembe iNyanga yezulu, eyayisesikhumbuzweni soMprofethi, eWombe.

Uma efika kuShembe, wathi ucela ukuba uShembe asibusise, ngoba yena useyahamba.  Uma ebuza uBaba inyanga yezulu ukuthi uyaphi, wathi kufike uMprofethi, wathi usezomlanda. Sonke kwasimangalisa lokhu kukhuluma, ngoba wayengaguli, futhi engamdala.

NgoJune ngawo u-1981, wangibiza ngisemsebenzini, wathi angifike ekhaya. Uma ngifika ekhaya, wafika waphinda yona leyonkulumo owayeyikhulume siseWombe, ukuthi useyahamba; uBabamkhulu useyamfuna.  Wabe esethi: “sengiqoqile, bengifuna ukuya emhlanganweni kaJuly, kodwa angazi ukuthi uBabamkhulu uzofika nini ukungilanda.”

Mhla lulunye kuJuly, wavuka ekuseni wabe esethi:  “Kade sekufike amakhosikazi ka-14 evunule ethi angilandile; abe esethi angigeze ngoba azobuya emini ezongilanda.” Wabe useyageza, maqede waya endlini yakhe; eyolindela abasezulwini.

Nempela ngo-12 abuya amakhosikazi omgidi, abahlangabezi bakhe, ahamba naye; wasishiya kanjalo. Sagcwaliseka isihlabelelo sakhe esithi “Ngohlabelela ngentokozo, emzini oyingcwele; bajabule abahlangabezi bami ngokungena kwami. Ngomsinela obongekayo ngingesenamahloni, Phakamani masango, phakamani singene." Lagcwaliseka negama owalinikwa nguMprofethi ukuthi “uLandiwe”; ekugcineni walandwa nguye uMprofethi.

Ngosuku lwesibili eshonile, ebusuku; ngangihleli kusofa, kwafika isithongwana, ngaleso sikhathi ngabona umama evela efasteleni, engibiza.  Ngaphuma ngokushesha ngiya kuye. Ngamfica nempela emi phandle.

Wabe esethi: “woza ngiyokukhombisa umuzi uBabamkhulu ongibeke kuwo."  Nempela wahamba nami, saye sayofika eVelabahleke; umuzi wakhe umprofethi osoNgoye esasikade sihlala kuwo. Lomuzi wawusewaphela ngenxa yombango owasuka eBandleni. Kodwa lo wasezulwini ulokhu umile; wawakhiwe ngesitini, umuhle ngendlela eyisimangaliso.

Wabe esethi umama, "kukhona lapha-ke uBabamkhulu ongibeke khona, nawe uma kufika isikhathi sakho uyoza uzohlala kulomuzi."

Ngaphaphama nginokuthokoza okuyisimangaliso, ngokwazi umuzi umama okuwo; nokwazi ukuthi ekufeni kwami ngiyakuphi uma ngihambe kahle phambi kukaJehova.

Yonke impilo kamama kuze kube sekufeni kwakhe yanginika esinye isifundo. Yaphendula imibuzo eminingi enhlizweni yami. Kwakuhlale kungihlupha ukuthi lokukholwa okungaka kumsiza ngani umama ngoba nakhu eseyoguga ehlupheka. Ngangicabanga njengabo bonke abantu basemhlabeni; ngingayiqondi indaba yasezulwini.

Indlela umama owafa ngayo yashiya bonke abantu bemangele; sonke sabona ukuthi kukhona lapho sibizelwe khona.

Umama wazi usuku nesikhathi ozohamba ngaso emhlabeni; lokhu kwenzeka kumuntu ongaguli, futhi ongemdala.

Kwathi noma esefile wabuya engakangcwatshwa wazositshela ukuthi uhleliphi, nokuthi uhleli kanjani. Wakha isithombe esiphelele ngezulu.

Kodwa angikhulumi ngomama, ngikhuluma ngami nawe. Thina siyaya yini kulomuzi okhazimulayo okungangeni sono khona? Uthi uMprofethi “ngicabange ngibuke ngibone ezimpandeni zosizi lokufa. Ukwesaba kungembethe, kepha ngawe mangingesabi. Thela kimi umoya wamandla ngiyakwedlula esigodini sosizi.’

“Lapho abaningi bemisiwe, belindele umhla wokuphela ukukhala nokugedla amazinyo. Kodwa izindlamafa zimenyiwe, zongena ngokusina emasangweni. Makabongwe uJehova iNkosi enamandla onke.”  

Nawe-ke zihlole ukuthi ngabe ungomunye yini walabo abazogedla amazinyo, noma uyindlamafa yasezulwini eyongena ngokusina emasangweni.

Lapha emhlabeni singumshungu, sishaye ujenga, siyahamba siya ezulwini. Kodwa ngaphambi kokufika ezulwini sizodlula ethuneni. Uyeza umhla wokuphela uzokuma phambi kwakho noma ungathandi. Labo asebephele amandla ekukholweni kwabo, basazogijima bekufuna ukukholwa; lapho amagquma nezintaba eselelezela; ungasazi ukuthi uzozifihlaphi zonke lezi zono zakho.
Sengathi uJehova sonke angasipha amehlo asezulwini, amehlo omoya; amehlo akwazi ukubona iqiniso eliyilo lempilo yethu. Ngaso sonke isikhathi sifune ukuthokoza komphefumulo kunokuthokoza kwenyama, okwedlulayo, kanti okomphefumulo kumi ngunaphakade.

iNkosi ibusise lokho enikuzwile.
Rev.M.P. Mpanza
Email: revmpanza@nazarites.org.za
Cell: 071 219 8223

Powered by Create your own unique website with customizable templates.