HOME FOR ALL AMANAZARETHA
  • Home
  • Gallery
    • Holy Gatherings >
      • January Gatherings
      • July Gatherings
      • Communion Gatherings (Attire)
      • Wedding's Gatherings
    • Nhlangakazi Pilgrimage
  • Sermons
    • Scriptures
    • Audio's
    • Video's
  • About Us
    • The Church
    • Church Leaders
    • Branches
  • News & Publications
  • Contact Us
Picture
19 OCTOBER 2013 - INKONZO YO-KHOZI FM UBUDLELWANE PHAKATHI KWABASEMHLABENI KANYE NABAKWELIZAYO.

Ngiyababingelela abalaleli; imini yeSabatha ayibenhle kwabangcwele. Isihloko esikhuluma ngaso sithi: UBUDLELWANE PHAKATHI KWABASEMHLABENI NABAKWELIZAYO.

INCWADI KAMATHEWU 17:1-3.
“Emva kwezinsuku eziyisithupha uJesu wathatha uPetro, noJakobe, noJohane umfowabo, wakhuphukela nabo entabeni ende bebodwa. Waphenduka esinye isimo phambi kwabo; ubuso bakhe bakhanya njengelanga, izingubo zakhe zaba mhlophe njengokukhanya. Bheka kwabonakala kubo oMose no-Eliya bekhuluma naye.”

Kunemfundiso ethi idlozi noma umoya womuntu ofile awukho. Isidumbu somuntu singumoya ofile, olele, oyoze uvuke ngosuku lokwahlulela.

Leyonkolo isuselwa encwadini kaMshumayeli 9:5-6; lapho ethi uSolomon umuntu ofile akazi lutho, akanamvuzo, akasakhunjulwa, futhi akasenasabelo kokwenziwayo.

Kukhona into nokho esingayinaki njengamakholwa; uNkulunkulu kwi-Old Testament akaze afundise lutho ngempilo emva kokufa. Okuseqinisweni kwi-Old Testament akukho lapho sitshelwa khona ukuthi umuntu ufa bese eya ezulwini. 

Uma abantu bonile, babejeziswa ngokuhlawula noma ngokubulawa. Ngaleyondlela-ke uSolomon wayeqinisile ngokwemfundiso yangaleso sikhathi, ukuthi uma umuntu efa sekungukuphela kwakhe. 

Kodwa uJesu wasifundisa ukuthi impilo yomuntu ayigcini ekufeni kwesidumbu esibonwayo, kukhona isidumbu esingabonwa. UPhawuli ku Ist Korintians 15:40 uthi, “Ikhona nemizimba yasezulwini, nemizimba yasemhlabeni; kepha inkazimulo yasezulwini iyodwa, neyasemhlabeni.”

UJesu wasifundisa ukuthi uma umzimba wasemhlabeni ufa, umuntu uyaqhubeka aphile ngomzimba wasezulwini; ongumzimba womoya. KuLuka 23:43 sifunda ukuthi isoni esazicelela intethelelo kuJesu, uJesu wathi kuso, “ngiqiisile ngithi kuwe, namuhla uzokuba nami eParadesi.” Akashongo ukuthi, ngiqinisile ngithi uyovuka ngosuku lokwahlulelwa; uthi uzoba naso ezulwini ngosuku esizokufa ngalo. 

Mhla ephikisa abaFarisi ababethi umuntu akavuki kwabafileyo, uJesu uthi kuMathewu 22:31-32, “kepha maqondana nokuvuka kwabafileyo anifundanga yini okwakhulunywa kini nguNkulunkulu ethi: Mina nginguNkulunkulu ka-Abraham, no-ISaka, noJakobe? Akasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo.” 

Lapha uJesu usitshela ukuthi ngenkathi uNkulunkulu ekhuluma noMose ethi unguNkulunkulu wo-Abraham, wayechaza ukuthi noma o-Abraham kwakukudala bafa ngomzimba wenyama, kodwa babesaphila ngomzimba womoya.

Encwadini ka 1st Peter 3:18-20 sizwa uPetro ethi: “Ngokuba naye uKrestu wahlupheka kwaba kanye ngezono, ebulawa enyameni, kepha ephiliswa emoyeni; ehamba ngawo ukushumayeza omoya abasekuboshweni, abakade bengalaleli… ezinsukwini zikaNowa umkhumbi usakhiwa....”

Lapha uPetro usitshela ukuthi uJesu wabulawa enyameni. Lokho okuchaza ukuthi inyama yakhe yafa; kepha waphiliswa emoyeni; okusho ukuthatha isidumbu somoya. Ngesidumbu somoya wahamba wayoshumayeza imimoya eyabulawa uzamcolo ngesikhathi sikaNowa.

Lemimoya uJesu owathi uma efa wahamba wayoyishumayeza yayingalele, yayiphila ngomzimba womoya, ngoba uJesu wayengeke ayoshumayeza imimoya efile. 

Ngenkathi uJesu ekhazimuliswa uMose no-Eliya entabeni, uMose kwasekuphele iminyaka engu-1200 wafa, no-Eliya sekwedlule iminyaka engu-800 wafa. Sebephila emzimbeni womoya.

Ngokwemfundiso yamakholwa ethi alikho idlozi, noma umoya womuntu osewafa, laba ababonakala benguMose no-Eliya kwakungamadimoni ayaye eziphendule uMose no-Eliya; uJesu wayekhazimuliswa amadimoni. Ngamanye amazwi iBhayibheli alisitsheli iqiniso uma lithi oPetro babona uMose no-Eliya.
********************
UJesu wake waxoxa enye indaba. Amanye amakholwa athi lendaba yayingumfanekiso (parable). Kodwa iBhayibheli alisho njalo. Noma kwakungumfanekiso, uJesu wayaye afanekise ngento ekhona noma eyenzekayo; yikho ibizwa ngokuthi umfanekiso. 

KuLuka 16:19:31. Uthi uJesu kwakukhona umuntu owayeyisicebi; owayehlala nompofu owayebizwa ngokuthi uLazaro. Lo ompofu wayedla imvuthuluka yesicebi. 

ULazaro wafa; esefile wathwalwa iziNgelosi wasiwa esifubeni sika-Abraham. Nesicebi safa, kodwa sona saya eHayidese. SesiseHayidese sase sibona uLazaro esifubeni sika-Abraham, ekude naso. Sakhala isicebi sathi “Baba Abraham ngihawukele ngokuba ngiyahlushwa kulelilangabi.” 

U-Abraham wathi, “Ndoda khumbula ukuthi wabusa usesekuphileni, noLazaro wahlupheka esesemhlabeni, yena-ke uyaduduzwa, wena uyahlushwa; kunomkhawulo obekiwe ukuthi ongaleya akakwazi ukuza ngapha.”

Isicebi sase sicela ukuthi u-Abraham athumele uLazaru ukuthi eyotshela abafowabo ukuthi abaphenduke bakholwe, ukuze bengezi lapho ekhona. Uthi-ke u-Abraham, “uNkulunkulu wathuma uMose nabaProfethi, kodwa abantu abaze babalalela; noma kungavuka umuntu kwabafile ngeke bamlalele.”

Lapha uJesu akakhulumi ngokuthi uLazaro nesicebi bafa balala baze balindela umhla wokuphela. ULazaro wathi efa wayethwalwa ziNgelosi ziyombeka esifubeni sika-Abraham; isicebi sathi sifa sabe siyiswa eHayidesi. U-Abraham, naye owabe esewafa, wayekhuluma nesicebi esasisesihogweni; sasikhuluma; singalele.
*********************
Lendaba angazi ukuthi kwenziwe yini ifane nendaba yakithi. Ngake ngachaza ukuthi ugogo wahlushwa kakhulu umkhulu uDube, waze wabuyela kubo eManzimeleni nengane yakhe encane. 

Ekubo eManzimeleni ugogo wagula nengane yakhe; wagcina ngokushona nayo ingane. Umama wasala kubo eyintandane, wahlupheka kakhulu.

Eseshonile ugogo umkhulu wenqaba ukumngcwaba, nabaseManzimeleni bathi ngeke bemngcwabele umfazi wakhe. AbasemaNzimeleni base bethatha lezi zidumbu ezimbili bazilayisha esihlibhini, bafike bazishiya ehlathini. Ugogo nalengane babolela ehlathini, badliwa ngamanqe nezinja.

Emva kwesikhathi nomkhulu washona. Eseshonile, wabuya; kwabonakala kuwa umakoti lapha kwaDube. Bathe abantu besathukile kwase kuzwakala yena umkhulu ekhuluma kulomakoti. 

Uthi umkhulu: “Mina angiyikho ukufa, nginguMvumbi umnikazi walomuzi; ngiboshiwe, ngifice umkami umaMnguni esesifubeni soMprofethi uShembe. Ngathi uma ngithi ngiya kuye wathi umkami kunomkhathi, angikwazi ukufika lapho ekhona. Uthi uShembe ngangihlukumeza abafazi bami, ngithanda izinja kunabo.” 

Umkhulu wayenesihluku esiyisimangaliso kogogo. Mhla evela ngalomakoti, wacela abantwana bakhe ukuba bomcelela intethelelo kuShembe.

Sebebuye noMprofethi kwaDube omalume, yonke inzalo kamkhulu yaphenduka yaba ngamaNazaretha. Wafika uMprofethi wathatha umama, lo unina owatholakala esesifubeni sikaShembe, waba ingane yakhe, wamnika igama lokuthi uLandiwe; wakhipha izinkomo ezingu-18 wazinika umalume.

Umkhulu wafa engakholwe ndawo, engazi lutho ngoShembe. Kodwa wathi ebuya ekufeni abantwana bakhe wabe ebatshela ngoShembe. Kungenjengesicebi, umkhulu wabuya ezulwini wazoshumayela emhlabeni. Njengoba ngingumNazaretha nje, ngiyinzalo yabantu abaphendulwa “idimoni”, ngokwezimfundiso zamanye amakholwa; okusho ukuthi kwaDube kwafika idimoni lazenza umkhulu uMvumbi, lase litshela abantu bakwaDube ukuthi abakholwe. 

Imfundiso yokuthi idlozi alikho, ngakho-ke ukubona umuntu ongasekho ngesibonakaliso, usuke ubona idimoni eliziphendule lowo muntu osewafa, imfundiso ephambene nezimfundiso zikaJesu; nengawakhi umqondo; ngoba abantu abafile akusiyo inkolelo ukuthi kuyenzeka ukuthi babuye ngisho sebefile; abanye bayabonwa ekubuyeni kwabo, bachaze nesizathu sokubuya. 

****************
Sengikushilo ukuthi kunobufakazi bokuthi idlozi likhona, lokho akuchazi ukuthi amadimoni awaziphenduli amadlozi. Sizobuye sikhulume ngalokho.

Ngabe ukuba khona kwedlozi kuchaza ukuthi umuntu olikholwa uvunyelwe yini ukuhlabela idlozi? Encwadini ka-Eksodusi 22:20 uJehova uthi: “Ohlabela abanye onkulunkulu ngaphandle kukaJehova yedwa uyakubhujiswa nokubhujiswa.” Kumthetho wokuqala uJehova uthi, “ungabi nabanye onkulunkulu ngaphandle kwami.” 

Yini abanye onkulunkulu? Abanye onkulunkulu yinoma yini oyikhonza ngokulingana noNkulunkulu uMdali wezulu nomhlaba; kungaba umkakho noma indoda yakho, kungaba imali, noma yini-ke nje.

• UNkulunkulu uyahlatshelwa noma uyanikelelwa. Uma kukhona enye into oyinikelelayo noma oyihlabelayo, leyonto ingomunye unkulunkulu. 
• KuNkulunkulu siyakholwa ukuthi uzosivikela ezimpilweni zethu ngezindlela eziningi, ungukuphepha kwethu. Uma kukhona enye into okholelwa ukuthi ingumvikeli wempilo yakho, leyonto ingomunye unkulunkulu. 
• KuNkulunkulu siyaguqa sibike kuye zonke izinsizi zethu, sicele esikucelayo. Uma kukhona enye into oguqa noma othoba kuyo, kube khona okucelayo kuyo, nobika usizi lwakho kuyo, ingomunye uNkulunkulu. 

Ngaleyondlela-ke uma ethi uJehova ku-Eksodusi 22:20 kohlatshelwa yena yedwa; uma ulikholwa uhlabela idlozi lakho, usuke usuhlabela omunye unkulunkulu. 

Noma singathi ukuhlabela amadlozi kulusiko lwethu, kodwa lusiko oluphambana nomthetho kaNkulunkulu; leli iqiniso okumele silazi, ukuze singasho ngelinye ilanga uma sesiya eHayidesi ukuthi akuthunyelwe abafile bezosichazela; mina senginichazele!
*****************
Kukhona imibuzo eyaye ivele kwamanye amakholwa ukuthi umuntu uyathethelelwa yini izono esefile? Impendulo ithi yebo. Umuntu osewafa uyashunyayezwa, akholwe, angene ezulwini. Encwadini kaPetro engiyifundile ithi uJesu ngomoya waya emimoyeni eyafa ngesikhathi sikaNowa eyoyishumayeza; wayeyoyishumayeza ukuthi ikholwe. 

Encwadini kaPetro wokuqala ku-chapter 4:6 uthi uPetro, “Ngokuba ngalokho ivangeli lashunyayelwa nakwabafileyo, ukuze bahlulelwe ngokwabantu enyameni, kepha baphile ngokukaNkulunkulu emoyeni.” 

UJesu kuJohane 5:25 uthi: “Ngiqinisile ngiqinisile ngithi kini: isikhathi siyeza, sesikhona namanje, lapha abafileyo beyokulizwa izwi leNdodana kaNkulunkulu; abezwayo bayakuphila.”

Uma umuntu efa engakholiwe, ekufeni uyashunyayezwa njengoba uJesu echaza; akholwe, uma esekholiwe athethelelwe izono, angene ezulwini. 
*********************
EBhayibhelini asitshelwa lutho ngokunikelela abantu abafile; kodwa ku Ist Corinthians 15:29-30 sizwa uPhawuli ethi: “pho bayakwenzenjani ababhabhathizelwa abafileyo? Uma abafileyo bengavuki nempela, babhabhathizelwani ngenxa yabo?

Lenkulumo kaPhawuli ifakaza ukuthi ngesikhathi sikaJesu nesikhathi sabaPostoli amakholwa aye ebhajadiswa ebhajadiselwa abafileyo. Yikho-ke uPhawuli ebuza ukuthi uma singakholwa ukuthi umuntu uyavuka kwabafileyo, pho laba basemhlabeni babhabhathiselwani, bebhabhathiselwa abafileyo.

Njengokusho kukaPawuli, uShembe wasifundisa ukuthi umuntu ofile uyabhajadiselwa, uyanikelelwa, uyathathelwa ithikithi lokukholwa, futhi uyathengelwa umNazaretha. Zonke lezizinto engizibalile izinto ezidingeka kumoya oya, noma osusezulwini; zingezasezulwini.

Kodwa uShembe akaze asifundise ukuthi umuntu ofile uyaganelwa umfazi, uyakhuliswa, uyashadiswa; nezinto ezinjalo. Lezi zinto azihlangene nobuNazaretha, kodwa zihlangene nenkolelo yezulu lomndeni. 

KuMathewu 22:20 wathi uJesu abantu abafile abaganwa, abendiswa, bafana neziNgelosi. Ngaleyondlela-ke asikwazi ukuthatha amasiko asemhlabeni siwenzele abantu abafa bengakawagcini; ngaphandle uma sikholelwa ezulwini lomndeni.
************************
Abanye abantu bayaye bebe nemibuzo yokuthi ukuhlabela uJehova nokuhlabela abakini kwehlukanaphi? 

Njengoba sengishilo uShembe wasifundisa ukuthi sibanikelele abantu bakithi asebasishiya. Ukunikela (sacrifice) kusho ukunikela ngokuhlaba noma ngemali, noma ngani nje. Isikhathi esiningi amadlozi anikelelwa ngokuhlaba, kanti uNkulunkulu unikelelwa nanoma ngani onayo. 

Yonke iminikelo noma imihlatshelo yekholwa ibhekiswa kuJehova, noma uhlaba isilwane, ubikela uJehova ukuthi singumhlatshelo wani; nomphefumulo waso uwucele kuJehova. Noma ucela, noma ubonga kwabakini, umnikelo noma isipho sokubonga usiyisa kuJehova; yena bese edlulisela umnikelo nenkulumo yakho kwabakini; ngoba wena awubazi ukuthi baphi, kodwa uJehova uyabazi.
**************************
Kunombuzo wokuthi uma kufika iphupho noma isibonakaliso esithi hlabela abakini, kumele wenze njani? Impendulo ithi uma ulikholwa ungavumi ukuba uthunywe iphupho noma isibonakaliso ukuba wenze into ephambene nomthetho kaJehova.

INgelosi yaseluleka ngokuthi uma kufika iphupho noma isibonakaliso esithi yenza umsebenzi wokuhlaba; esikhundleni sokuthi uhlabe, ubokhipha umnikelo ubikele uJehova konke obekuthiwe kuhlabele. Uma kulidimoni lojabha libaleke lingaphinde lize eduze kwakho. Uma bekungubaba wakho ngempela ocelile, uJehova uyokwenzela konke okucele ngomnikelo, ubaba wakho athole konke akucelile, bese ekucelela isibusiso kuJehova
****************************
Kuchazani ukuthi isibonakaliso asikwazi ukukwenzisa into ephambene nomthetho kaJehova?

Uma kufika umkhulu wakho ngesibonakaliso ethi mgayele utshwala unguMnazaretha, awukwazi ukukwenza lokho; ngoba uMnazaretha akabugayi utshwala, akabuphuzi utshwala. Futhi awukwazi ukunikelela umkhulu wakho utshwala; ngoba awunakukhipha umnikelo ucele kuJehova ukuthi akanike umkhulu wakho utshwala, okuyinto ephambene nomthetho kaJehova. Umnikelo ongawukhipha ukutshela uJehova ukuthi lesi sibonakaliso awusamukeli, ngakho-ke akakuvikele kumkhulu wakho uma kunguye.

Kodwa uma kufika ubaba wakho ethi hamba umcelele intethelelo ngecala owalenza esemhlabeni, thatha umnikelo uye nawo ethempelini ufike ubike lonke icala likababa wakho kuJehova; bese ngomnikelo ucela kuJehova ukuthi yena athethe icala likababa wakho, alinqume, amthethelele.

Lelocala ngomnikelo wakho lothethwa ezulwini, ubaba wakho athethelelwe ngendlela athethelelwa ngayo. Esethethelelwe ubaba wakho, uyokucelela isibusiso kuJehova, isibusiso sikwehlele.

*********************
Maqondana nokuhlaba, iNgelosi yasenqabela thina ebandleni ukuba sihlabe emakhaya ethu; nokuba sakhe izindlu zabadala, nokufaka isiphandla. Yathi kunezinto eziningi eziyingozi esazosifundisa zona maqondana nalezi zinto.

Okokuqala yathi kuneminoya egcwele umhlaba engamadimoni; ephila ngegazi lezilwane. Lemimoya iziphendula amadlozi, bese isebenzisa izindlela eziningi ukungena emzini womuntu ukuze yondliwe ngokuhlaba.
Ithi iNgelosi njengoba nihlale nibona kweminye imizi njalo ngonyaka kuphuma isidumbu, laba bantu babulawa yilemimoya; ngoba iyazi ukuthi uma sekufiwe kuzohlatshwa, bese ithola igazi. Uma kufa umuntu kungahlatshwa iyajabha, bese iyadikila iyahamba iyofuna ikhaya elisha.

Okwesibili, yathi ngaphandle kwalemimoya, imizi eminingi ithakathwa mhla kuhlatshiwe. Ukufa okungeniswa ukuhlaba akwelapheki ngoba kubulala umndeni wonke, nezizukulwane zalowo mndeni.

Okwesithathu, yathi iNgelosi ukuhlaba kudala ubuphofu. Abantu abangasebenzi batsheleka izimali zokufuna izimbuzi zokuhlatshwa. Yathi awukho umsebenzi wokuhlaba ongefezeke ngomnikelo othulwe ngendlela eyiyo kuNkulunkulu. Umnikelo awunasinqumo, umuntu ongasebenzi uyakhipha ngisho uR20 endaweni ebizofuna imbuzi ka-R1 200. 

Yabe isithi iNgelosi, abantu kusamele bafundiswe kakhulu ngalemimoya efike izenze abakini, bese ithi ayingeniswe ekhaya; yakhelwe amaqhugwane, ifakelwe iziphandla; kanti iyimbubhiso.

Ngaleyondlela-ke kukhona ubudlelwane phakathi kwabaphilayo nabangasekho, kodwa kumele kuhanjiswe ngendlela kaNkulunkulu. 

INkosi ibusise lokho enikuzwile.
Rev.M.P. Mpanza
Cell: 071 219 8223
Email: revmpanza@nazarites.org.za

Powered by Create your own unique website with customizable templates.